Lorem ipsum dolor sit elit consectur sed eiusmod tempor aliquat enim minim veniam exercitation ulamco laboris nis aliquip commodo.
Impunga Yesintu Amasiko Isintu
Impunga Yesintu iyinhlangano ebhaliswe yisikhungo esibhalisa izinkampani ngokusemthethweni. Iyinhlangano emele isintu soqobo iphinde ikhuthaze abantu ukubuyela kwinyathuko yokhulukhulwana, oKhokho Kanye noMkhulu babo. Impunga Yesintu ibuyisela abantu kwiNkolo Yesintu (umsamo namasiko) okuyinkolo kaMvelinqangi uMkhulu womkhulu athi mhla edala uMuntu wamsekela ngayo. Isizwe esingenawo amasiko sifana ncamashi nenyoka egxivizwe ikhanda. Impunga Yesintu isebenzisana nemisakazo emkhulu ukusabalalisa ulwazi nokufundisa isintu, iphinde isebenzise izinkundla zokuxhumana kanye nekhasi layo elikhulu lika YouTube Impunga Yesintu TV elingaconsi phansi kubathandi besintu. Impunga Yesintu isishicilele izincwadi ezine ezifundisa isintu nokwenziwa kwamasiko ngendlela eqondile, konke lokhu ikwenza ngokuyalelwa amakhehla ekuyiwo abanikazi bomsebenzi.
Impunga Yesintu AmasikoIsintu
Impunga Yesintu iyakholelwa kakhulu ekutheni inkunzi isematholeni yingakho kuyiphupho layo ukufaka imfundo Yesintu ezikoleni zamabanga aphansi ezingaphansi kwesifundazwe ikwaZulu Natal (KZN), impunga inebutho layo labafana abasebancane ngenhloso yokubacija ngolwazi lwesintu iphinde ibafundise indlela yokuziphatha uma uyinsizwa nokuthi kubaluleke ngani ukuhlonipha umhlaba nemvelo Kanye nabesifazane. Sinembizo Yesintu esiyenza minyaka yonke lapho sihlanganisa khona abelaphi bendabuko, amaciko esintu kanye nomphakathi ukudingida zonke izinkinga abantu ababhekana nazo emagcekeni emizi yobaba babo Kanye nasempilweni yabo uqobo, Lokhu sikwenza ngenhloso yokukhuthaza ukusebenza ngokubambisana kwabelaphi bendabuko kwelashwe abantu ngeqiniso ukuze kungeke konakale isithunzi sokwelapha ngokwesintu nesthunzi sabelaphi abalapha ngeqiniso.
-
Is this theme support powerfull options?
-
How do i install this theme?
Lorem ipsum dolor sit elit consectur sed eiusmod tempor aliquat enim minim veniam exercitation ulamco laboris nis aliquip commodo.
-
Where can i found the collor options?
Lorem ipsum dolor sit elit consectur sed eiusmod tempor aliquat enim minim veniam exercitation ulamco laboris nis aliquip commodo.
Uhlushwa amaphupho? Thola Incazelo Thola Incazelo Thola Incazelo
Ukuhlaziya Amaphupho
Ukuxazulula Inkinga zomsamo
Ukufundisa ngesintu namasiko
Indlela nesikompilo lethu Isintu Amasiko Isintu

Ukubikwa / Imbeleko
Imbeleko iyisiko eliphoqayo kuwo wonke umuntu osuke ezelwe phakathi kwegceke, yize abantu abaningi beyithatha ngesinxele imbeleko bathathe inhloso nqangi yayo bayincikise ekutheni kwakwakhiwa imbeleko yokubeletha ingane kanti cha akunjalo. Imbeleko umsebenzi wokubika ingane esuke izelwe, amathongo alobe igama laleyo ngane ohlwini lamagama abantu bomndeni. Ukufunda kabanzi thola incwadi esihloko sithi, Sithin’ Isintu?

Ukukhuliswa / uMhlonyana / uMhlomuhle
Ukukhuliswa kuyisiko eliphoqayo kowesilisa nowesifazane, abantu abaningi banolwazi lokuthi umuntu ekumele akhuliswe owesifazane kuphela kanti lokho kungamampunge, umfana uyakhuliswa ngoba naye uyathomba, kanjalo nowesifazane kuyimpoqo ukuthi uma esethombile akhuliswe ngoba uma engakhulisiwe kuyakhaleleka omunye angabatholi abantwana, omunye angawutholi umsebenzi. Ukufunda kabanzi ngalolu daba funda lezi zincwadi; Sithin’ Isintu? Kanye nencwadi ethi Amava Ahlabahlosile

Ukubonga ingane ngokuziphatha kahle / uMemulo
Umemulo umkhuba wokubonga ingane yentombazane ngokuziphatha kahle yahlonipha isibaya sikayise yasivala ngenhloso yokuvalela inkomo kaMama wayo. Umemulo awenzelwa umuntu osenolwazi lwendoda nosethole umtwana, kuyinhlamba futhi kuyichilo ethongweni, yingakho umhlwehlwe udabuka okanye ugcwale igazi. Ukufunda kabanzi thola incwadi esihloko sithi, Sithin’ Isintu?

Ilobolo
Ilobolo lingamandla ensizwa esuke ibone intombi, ngokwesintu ilobolo alinalo inani futhi ilobolo alizona izinkomo kodwa lingamandla ensizwa esuke ifisa ukuganwa ivuse umuzi kayise. Okwezinkomo eziyishumi nanye akusikho okwethu kepha yimikhuba kasoMtsewu. Ukufunda kabanzi thola incwadi esihloko sithi, Sithin’ Isintu?
Isintu namasiko
Iyabhubhudla inkezo, kusindwe ngobethole, nawe hlala unethezeke ukleze kulombele ogwansile. Lapha sifundisa isintu soqobo, okuhle ngathi ukuthi sishicilele iziNcwadi ezifundisa isintu ozokwazi ukuthola kuzo ulwazi olwanele;
Thola ukuthi abanye bathini Ngathi Ngathi Ngathi

Khabazela
“Siyabonga Mpunga yesintu ngolwazi olungaka”


Mapholoba
“Siyabonga ngolwazi nangomsebenzi omkhulu kangaka eniwenzela isizwe”


MaMthembu
“Sikleza kogwansile ngempela, siyabonga mpunga yesintu”


Mr Kunene
“Azibuyele emasisweni, asilutho ngaphandle kwesintu namasiko ethu”
