Nakhu Esikwenzayo Emphelandaba
Sixhumanisa uMuntu nethongo lakhe, Selapha ngolwazi lwesintu kwazise izinyanga eziningi zelapha ngamakhambi, emphelandaba asihloli siyahlaziya, uma unenkinga ethinta isintu uyibeka phezu kwetafula siyengule, siyihlahlele uthole umhlahlandlela oqondile ukuthi uzoyilungisa kanjani. Sihlaziya amaphupho sehlukanise iphupho lenyongo nephupho eliwumyalezo wamathongo akwembethe.
Ukuxoxa ubuso nobuso sikwenza esigodlweni Emphelandaba
Siyakwazi nokuxoxa ocingweni uma ukude naseMphelandaba
Ukuxoxa nathi emphelandaba ubuso nobuso kumi kanje ngokwentengo:
Umuntu oyedwa = R300 Isikhathi esiyihora (1 Hour)
Abantu ababili = R300 uma beze ngodaba olulodwa, R400 uma sizohlaziya inking yomuntu ngamunye, isikhathi esiyi hora (1 Hour),
uMndeni = R500 uma uze ngodaba lomndeni, R800 uma umndeni ufisa sihlaziye inkinga yomuntu ngamunye, iskhathi esiyi hora (1 Hour).
Ukuxoxa nathi ngocingo kumi kanje ngokwentengo:
Uma ufisa ukuxoxa neMpunga Yesintu ocingweni kuba R350 isikhathi esilinganiselwa kwimizuzu engama 30 (30 Minutes). R450 isikhathi esilinganiselwa kwihora (1 Hour)
Nakhu Esikwenzayo Emphelandaba
Sixhumanisa uMuntu nethongo lakhe, Selapha ngolwazi lwesintu kwazise izinyanga eziningi zelapha ngamakhambi, emphelandaba asihloli siyahlaziya, uma unenkinga ethinta isintu uyibeka phezu kwetafula siyengule, siyihlahlele uthole umhlahlandlela oqondile ukuthi uzoyilungisa kanjani. Sihlaziya amaphupho sehlukanise iphupho lenyongo nephupho eliwumyalezo wamathongo akwembethe.
Ukuhlaziya amaphupho kudinga isineke, nakho kuyahlelelwa isikhathi sokuwahlaziya.
Nakhu okubalulekile: Uma ungenayo imali ungasebenzi, uvumelekile ukufika emphelandaba uzothola usizo oludingayo ukhokhe ongakwazi ukukukhokha okusuka othandweni ukhunge amakhehla aseMphelandaba.